Izinkondlo zothando: Ngalahlekelwa

Want a t-shirt with your clans? click here to make your order on Whatsapp

Ngalahlekelwa

Intokazi Enhle
Enhle njengendoni yamanzi
Esho ngamehlo amhlophe
Kuhle kwamalande

Mina ngalahlekelwa
Usuka-sambe wentombi ekhuluma ngezwi elimtoti

Mangicabanga ngaye
Kuvele zehle izinyembezi emehlwen ami

Dear mehlo ambonayo
Zee umtshele
Ukuthi mina ngaye
Ngyazifela

Nasempilweni ngingafela
Eyakhe injabulo
Phela ngaye ngyazifela

Futhi ngingamfela
Ngalahlekelwa
Imbongikazi
Ngisho umuntu
Ozoba umama abe ubaba
Ezinganeni zami
Nxa ngingasekho emhlabeni.....

Yazi ngyasola ngaloluthando
Ngiloyiwe kodwa-ke nguyena ozongilapha
Ngothando lwakhe
ngizoba umqemane
Ngaye ngizoba yikho konkee...

Ngalahlekelwa

***Imbongi yakomahlobo
Bayede!

Previous Post Next Post